Bekuyinjabulo yodwa ngesikhathi umasipala wakwa Nongoma oholwa uMeya Ukhansela uMbekezeli Zondo ubambisene noNdlunkulu kaMayisela weSilo Esibusayo, osebenzisana nenhlangano engenzi nzuzo i-Red Cross, kanye no Maria Valaskatzis owaziwa kakhulu ohlelweni oludumile Durban House Wives, balule isandla emphakathini ,nokulekelela imindeni eyathinteka nesikhathi kunezimvula.
UMkhandlu wakwaNongoma udlulise ukubonga okukhulu ku-Red Cross nakubo bonke ababambisene nabo ngokuqhubeka nokubonisa ubuntu nokwelula isandla kubantu bakuleyandawo ngesikhathi besabhekene nobunzima. Umasipala wakwaNongoma uthi lobudlelwano buyaqhubeka nokuletha ithemba nokwakha umphakathi onakekelanayo.
