UMasipala waseNquthu oholwa uMeya ukhansela IL Shabalala ubuhambele indawo yakuWadi 03 nokulapho ubuyophendula isoyi enqalazizinda yomphakathi.Loluhambo luqalwe eVumankala lapho kuphendulwe isoyi lehholo lakhona elizomumatha abantu abangu 400.
Kube sekudlulelwa endaweni yakwaChibide lapho bekuyophendulwa khona isoyi leSubstation, lesiteshi sikagesi sizosiza ekutheni silekelele ukuze kuzokwazi ukuthi kufakelwe bonke abantu baseNquthu ugesi njengoba lezi ezikhona sezigcwele kakhulu okwenza kubenzima ukuqhubeka kokufakwelwa kweminye imizi ugesi.
Namhlanje lusaqhubeka uhambo luka Meya njengoba ezohambela kuwadi 5 eMachitshane lapho okuzobe kuyophendulwa khona isoyi lokwakhiwa komgwaqo uMgqobhi bese kudlulelwa kwa ward 11 nakhona kuyophendulwa isoyi kwaVuna Road.
