AbakwaABSA bephelezelwa iMeya kamsipala waseNquthu ukhansela IL Shabalala banikele nge Computer lab, eskoleni iMaceba Secondary School,ngenhloso yokwelula isandla emphakathini,nokuthuthukisa abafundi kwezobuchepheshe besimanje.UMnu Rendani ophuma kwibhange laseABSA eMhlanga,ekhuluma uthe kubalulekile ukuthi nabanye abezimboni ezimele kufanele isandla ezikoleni zasemakhaya ngoba yizona ezidinga kakhulu ukulekelelwa.
Uthisha omkhulu wesikole iMaceba uMnu Ngobese udlulise ukubonga okukhulu mayelana nokuzoxhaswa ngeComputer Lab, wabonga othisha beskole ngokusebenza ngokuzikhandla kwabo ekufundiseni abantwana njengoba lesikole singezinye esenza kahle, waphinde wabonga nemeya yomkhandlu waseNquthu ngokuxhasa lesisikole njalo ngonyaka.
USodolobha naye udlulise amazwi okubonga kwabakwa ABSA waphinde waqinisekisa ukuthi umkhandlu usazoqhubeka nokufaka isandla la ofinyelela khona.
