UMengameli uCyril Ramaphosa uthi ezinye izinkinga ezikhungethe iNingizimu Afrika zabangelwa ukuhlupheka nokungalingani okwadalwa yisikhathi sobandlululo.
Nokho uthe uhulumeni wakhe uzamile ukubhekana nazo ngezinhlelo ezahlukene okubalwa kuzo izibonelelo zikahulumeni nezinye izinhlelo.
URamaphosa ubephendula ukugxekwa kanzima ngamaqembu aphikisayo ngesikhathi kunenkulumompikiswano yezinsuku ezimbili ngenkulumo yakhe yesizwe (SONA).
Umongameli waqale waphendula ngokuvuma ukushiyeka nokwehluleka kukahulumeni wakhe.
Lokhu kubandakanya ukucishwa kukagesi, inkohlakalo nobugebengu.
“Ubugebengu obunodlame busaqhubeka nokuhlupha imiphakathi ezweni lonke futhi ngicacisile ngokubeka zonke izinselelo abantu bakithi ababhekene nazo.”
Kodwa uthe ukuhlupheka okuningi akuzenzekelanga nje futhi kuhlobene kakhulu nombuso wangaphambilini.
“Inqubo yobandlululo yasishiyela ububha nokungalingani.”
Uqhubekile nodaba lukaTintswalo ethi abanye abantu bajikijela inhlamba kulo mlingiswa wasenganekwaneni. URamaphosa uthe wonke umuntu ozalwa ngaphansi kwentando yeningi nguTintswalo noma ethanda engathandi.