UNgqongqoshe wezeziMali KwaZulu-Natal, uFrancois Rodgers, uhlangane neMeya yaseNdumeni, uMcebo Mkhize, kanye nobuholi boMkhandlu ukuze kuxoxwe ngenkinga yokungaphasiswa kwesabelomali sika-2026/27.
Lo mhlangano ubuhanjelwe nezikhulu zoMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA). Kudingidwe izindlela zokusiza uMasipala njengoba usuhlulekile ukuphasisa isabelomali esilinganiselwa ku-R500 million.
Kuphinde kwaxoxwa nangendlela uHulumeni ongawusiza ngayo uMasipala ukubhekana nesikweletu sawo kwa-Eskom.
URodgers unxuse amakhansela ukuthi abeke eceleni ukungaboni ngaso linye asebenzisane ukuze kugwenywe ukuphazamiseka kokulethwa kwezinsiza emphakathini. Uthe izingxabano zezombusazwe akumele zimise intuthuko yaseNdumeni.
Uphinde wanikeza uMkhandlu isikhathi kuze kube umhla ka-30 Julayi ukuze kube sekutholakala isixazululo ngalolu daba.
