UMnyango Wezemfundo KwaZulu-Natal uveze ukuthi impahla ebiza ngaphezu kuka-R14 million intshontshiwe ezikoleni eminyakeni emithathu edlule. UMphathiswa uSipho Hlomuka uthe kule mpahla kubalwa ama-laptop angu-84, ama-tablet angu-501, ama-data projector angu-127 kanye nama-smart screen ayisikhombisa.
Uthe ubugebengu, ukusetshenziswa kwezidakamizwa nodlame ezikoleni kusaqhubeka nokubeka engcupheni ukuphepha kwabafundi nothisha. UMnyango uzoqhubeka nokusebenza namaphoyisa ngaphansi kohlelo lweNational School Safety Framework ukuze kuqiniswe ezokuphepha.
Ubuye waveza ukuthi ukuncipha kwesabelomali kuzophazamisa uhlelo lokuthuthwa kwabafundi, njengoba luzokwehla lusuke ku-R459 million eminyakeni emihlanu eyedlule lwaya ku-R366 million, okuzoshiya izinkulungwane zabafundi zingasatholi usizo lwezokuthutha.
