Umama uFikile Rebecca Ndlovu (54 ) wase Limehil uhlomule ngendlu enamagumbi amane enhlanganweni i-African National Congress (ANC) eJosiah Gumede Region kule mpelasonto esisuka kuyona.
Unobhala walenhlangano u uMnuz Bonga Hlomuka uthi uhlelo lwabo njenge ANC eJosiah Gumede ukuthi uma kukhona umuntu ongenayo indlu nohlala endaweni engekho esimeni ukuthi bamulekelele.
“Uzokhumbula phela ukuthi ngonyaka ka 2022 uphela sidlulise izindlu ezimbili endaweni yaseMatiwane eWard 23 singuKhongolose lokhu sakwenza ngokulekelelwa osomabhizinisi abangabangani bethu singu Mbutho, namanje siqhubeka lapho ukuthi sizamele abantu bakithi ukuthi babe nempilo encono.” Kusho uNgidi
Ubongele umama uFikile ukuthi naye usuzofana nawo wonke umuntu wase Limehill akwazi ukukhomba ikhaya naye.