Pretoria – UMengameli uCyril Ramaphosa usexwayise abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bangaphendukeli kwabokufika ngodlame, ngesikhathi ethula uhlelo olusha lukahulumeni olunezigaba ezinhlanu oluhlose ukulawula ukufuduka kwabantu abangena ezweni ngokungemthetho.
Ekhuluma nesizwe ese-Union Buildings namuhla kusihlwa, uRamaphosa uthe imibhikisho yakamuva ephikisana nabokufika kanye nodlame olubhekiswe kubo alumele inqubomgomo kahulumeni noma ubuntu babantu baseNingizimu Afrika.
Uthe uhulumeni ngeke uvumele noma ubani asebenzise lolu daba ukuxhaphaza izwe noma ukubhebhethekisa udlame, waphinde wanxusa abantu ukuthi bahloniphe amalungelo abantu bonke.
Le nkulumo iza ngesikhathi kunezingxabano ezikhulayo mayelana nodaba lwabokufika, kulandela umnqamulajuqu wangomhla ka-30 Juni obekwe abantu bakuleli wokuthi abantu bokufika abangekho emthethweni baphume eNingizimu Afrika.
UMengameli wethule uhlelo olusha olubizwa ngikuthi i“Managing Migration Together”, olunezigaba ezinhlanu:
1. Ukuqinisa umkhankaso wokulwa nokwephulwa kwemithetho
* Kuzohlonzwa kubuyiselwe emazweni abo abantu abangekho emthethweni.
* Kuzosungulwa izinkantolo ezibhekene nezindaba zabokufika.
* Kuzokwandiswa ukuhlolwa kwezinkampani eziqasha abantu abangekho emthethweni.
* Kuzoqashwa abahloli bezabasebenzi abangu-10 000.
* Kuzoqiniswa izijeziso kubaqashi abephula umthetho wezokufika.
2. Ukuqinisa ukuphepha emingceleni
* Kuzokwengezwa uxhaso lokuphepha emingceleni.
* Kuzosetshenziswa ama-drone, amasathelayithi nezinzwa zokugada imingcele.
* Kuzolungiswa futhi kuthuthukiswe izindawo zokungena ezimatasatasa.
* Izikhungo zababaleki zizothuthelwa emingceleni.
3. Ukuqinisa uhlelo lwezokufika
* Kuzolwisana nenkohlakalo eMnyangweni Wezasekhaya.
* Kuzokwakhiwa irejista yabantu esebenzisa imininingwane ye-biometric.
* Ama-Smart ID azonwetshwa kanti amaGreen ID Book azohoxiswa kancane kancane.
* Uhlelo lwe-biometric luzosetshenziswa ezikhumulweni zezindiza nasemingceleni emikhulu.
* Kuzovalwa ukusetshenziswa kabi kwe-Traffic Registration Number.
4. Ukuvala izikhala emithethweni nasezinqubomgomeni
* Kuzokwakhiwa umthetho owodwa ophelele wezokufika.
* Kuzosetshenziswa inqubomgomo elawula ukuqashwa kwabokufika abasemthethweni.
* Kuzoqiniswa amacala kubaqashi abaqasha abantu abangekho emthethweni.
* Kuzobhaliswa amabhizinisi amancane nawokuhweba emigwaqweni.
* Kuzosekelwa osomabhizinisi bendawo ngeSpaza Shop Fund.
5. Ukubambisana namanye amazwe ase-Afrika
* Kuzoqiniswa ubudlelwano namazwe ase-Afrika ukukhuthaza ukukhula komnotho nokudala amathuba emisebenzi.
* Kuzobhekwana nezimbangela zokufuduka ezifana nobumpofu, izingxabano nokungazinzi kwezepolitiki.
* Kuzosebenziswana ne-SADC, i-African Union kanye namanye amazwe ukuphatha kangcono ukufuduka kwabantu.
URamaphosa uvumile ukuthi ukufuduka kwabantu ngaphandle kwamaphepha kubeka ingcindezi ezinsizeni zikahulumeni futhi kuthinte amathuba emisebenzi, kodwa wagcizelela ukuthi abantu baseNingizimu Afrika abananzondo ngabokufika.
Uphethe ngokunxusa ubumbano, wathi izwe kumele lakhe ikusasa eliphephile, elihlonipha umthetho, elinobuntu nelinikeza wonke umuntu amathuba okuphila kangcono.
