UMengameli waseNingizimu Afrika, uCyril Ramaphosa, umemezele ukuthi uhulumeni uzothumela izithunywa emazweni ahlukene ase-Afrika nakwezinye izingxenye zomhlaba ukuze zichaze izinhlelo ezibekiwe zokubhekana nenkinga yabokufika.
URamaphosa wenze lesi simemezelo ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ePitoli ngemuva komhlangano wakhe noMengameli waseKenya, uWilliam Ruto. Uthe udaba lokufuduka kwabantu luyinkinga enkulu edinga ukubambisana kwamazwe amaningi hhayi iNingizimu Afrika kuphela.
Lokhu kulandela ukwanda kwemibhikisho ezweni lonke ephikisana nabantu bokufika abangenazo izincwadi ezisemthethweni.
URamaphosa uthe uyakwamukela ukuzimisela kukaMengameli waseGhana, uJohn Dramani Mahama, osephakamise ukuthi amazwe ase-Afrika asebenzisane neNingizimu Afrika ekutholeni izixazululo. Uthe lokhu yikho okugqugquzele uhulumeni ukuthi uthumele izithunywa ukuze zichaze izinhlelo ezizokwethulwa, egcizelela ukuthi udaba lokufuduka kwabantu luyinselelo ethinta izwekazi lonke futhi ludinga izixazululo ezihlanganyelwe.
