UKHANSELA UXOLANI KUBHEKA UBONGA UTHUKELA NEWS TIMES NGOSIZO KUMKHULU OWAHLASELWA YIZIKHUKHULA


UMnambithi – Ukhansela waseWard 15, uXolani Kubheka, usebonge iphephandaba i-Uthukela News Times ngokuveza udaba lukaMkhulu uBheki Leonard Mazibuko (70), ofisa ukuhlangana noMeya wase-Alfred Duma Municipality, uNkk Zama Sibisi.

UMkhulu uMazibuko uhlala yedwa, kanti indlu yakhe yadilikela ngesikhathi sezikhukhula ezahlasela eMnambithi eminyakeni embalwa eyedlule. Kusukela lapho, ubebhekene nobunzima bokuphila ngaphandle kwendawo yokuhlala efanele.

Indlu yesikhashana eyakhelwe umnumzane UMazibuko

UKhansela Kubheka uthe ngemuva kokubona udaba olushicilelwe ngesonto eledlule, washeshe waxhumana noMeya uZama Sibisi ukuze kubhekwe ukuthi kungasizakala kanjani umkhulu.

Uthe sekukhona amalungiselelo okuthi uMkhulu uMazibuko athole indawo yokuhlala yesikhashana, kanti futhi usebhalisiwe ohlwini lwabantu abadinga izindlu eziphuthumayo ngaphansi kohlelo lukamasipala.

UKubheka uphinde waveza ukuthi uMeya uSibisi uzimisele ukuhlangana noMkhulu uMazibuko uma zonke izinhlelo sezihlelekile kahle.

“UMeya uthe akafuni ukubizwa umuntu omdala bese engakwazi ukuya kuye, yingakho efuna kuqale kuhlelwe kahle zonke izinto,” kusho uKubheka.

Uphinde wancoma indima edlalwa i-Uthukela News Times ekuvezweni kwezinkinga zomphakathi, ethi lokhu kusiza ukuthi iziphathimandla zisheshe zibone izidingo zabantu emphakathini.


Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Uthukela Times All Rights Reserved