SIFUNA UKUZIFIKELA NGQO ENYASENI – MARCH & MARCH


Imashi ye-“March And March” ibanjelwe e-Mnambithi namuhla, lapho ababhikishi beqale khona e-Illing Road baya e-Kandahar Sports Ground.

Le mashi ihehe abantu abavela ezindaweni ezahlukene zaseMnambithi futhi ibiqashelwe kakhulu ngamaphoyisa ukuqinisekisa ukuthi akukho ziphithiphithi ezenzekayo.

Amaphoyisa ebeqaphe ngolokhozi ngesikhathi kuqhubeka imashi elwisana nabokufika eMnambithi

Nakuba imashi idlule ngokuthula, ababhikishi bebeqhubeka bememeza besho ukuthi “Sifuna ukuya eNyaseni,” okuyindawo yokucima ukoma okusolwa ukuthi iphethwe ngabokufika.

Ababhikishi basole ukuthi eNyaseni kudayiswa izidakamizwa, kodwa amaphoyisa abavimbele ukuthi basondele kule ndawo.

Abahleli bale mashi bathi bahlela enye imashi ngomhlaka-2 Juni, abathi izobe ihlose ukukhipha abokufika ezitolo.

Okunye okuqapheleke kakhulu ukuthi iningi lezitolo eziphethwe ngabokufika belivaliwe ngesikhathi kuqhubeka imashi.


Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Uthukela Times All Rights Reserved