AKHALE NGOKUDELELEKA EMAKHAYA NGOBA ENGASEBENZI AMADODA ASEZAKHENI


Amadoda aseZakheni akhale ngokungahlonishwa uma engasebenzi emakhaya. Lokhu kuvele emcimbini obuhlelwe umnyango wezempilo obubanjelwe ezindlini zomtapo wolwazi eZakheni.

Amadoda athi uma engasebenzi awahlonishwa nhlobo emindenini yawo okudala ukuthi ahlukumezeke ngokomqondo kodwa kubukeka engathi akekho umuntu onake indaba yawo.

Abe esehlanganyela esithebeni amadoda aseZakheni abehlangene ezindlini zoMtapo Wolwazi eZakheni lapho bekudingidwa khona izinkinga ezibhekana nabantu besilisa emphakathini.

Amanye amadoda athi aseyancishwa nenkonzo yasekameleni emakhaya ngoba ehluleka ukubeka okuthile etafuleni. Acela uhulumeni ukuthi awanake nawo amadoda, ayazi ukuthi kubhekelewa abesifazane kakhulu kunawo, kodwa lokhu ngakolunye uhlangothi kufa imindeni kwehle nesithunzi sawo.

UKhansela uSiphiwe Zwane weWard 2 eZakheni uthi lemihlangano yamadoda ibalulekile. Uthi kwesinye isikhathi uma kuqubuka izingxabano emindenini, ngamakhansela asiza amadoda ukuthi axazulule lezo zinkinga. Ucele uhulumeni ukuthi awasize amadoda ngemifelandawonye.


Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Uthukela Times All Rights Reserved