Kuthiwa ithimba lama-Road Traffic Inspectorate (RTI) liphendule isimemo esikhethekile esivela emphakathini waseMnambithi, lafika ngoLwesihlanu ebusuku lizokwenza umsebenzi wokuhlola abashayeli emigwaqeni.
Ngokusho kukaNgqongqoshe uDuma, abantu abangu-21 baboshwe ngezinsolo zokushayela bedakiwe ngesikhathi somkhankaso.
Kuboshwe laba abalandelayo:
• Onogada ababili baka-Alfred Duma Local Municipality
• Othisha ababili, lapho omunye kubikwa ukuthi uzame ukubaleka ngesikhathi ebuzwa ukuthi “#NenzaniLaEzweni”, waphinde walimaza imoto yeRTI ngaphambi kokuthi aphinde aboshwe
• Abashayeli bamatekisi ababili abebethutha abafundi
• Isosha le-South African National Defence Force
• Unjiniyela omkhulu wase-Alfred Duma Municipality
• Umsizi womqondisi wase-KwaZulu-Natal Provincial Treasury
Lo mkhankaso ube yingxenye yemizamo yokuqinisa ukuphepha emigwaqeni nokubhekana nabashayeli abadala ubungozi emphakathini ngokushayela bedakiwe.

