UNQONGQOSHE WAMAPHOYISA UTHI UKUXOSHWA KUKARAMAPHOSA KUNGAPHAZAMISA UZINZO KULELI


UNgqongqoshe Wamaphoyisa Obambile uFiroz Cachalia uthi ukushushiswa kukaMengameli Cyril Ramaphosa ngenxa yodaba lwePhala Phala kungaphazamisa uzinzo eNingizimu Afrika.

URamaphosa ubhekene nengcindezi yokuxoshwa esikhundleni njengoba sekusungulwe ikomidi lePhalamende elizophenya ukuthi ngabe kufanele yini asuswe esikhundleni sokuba nguMengameli.

UCachalia uthe i-ANC kanye nabalingani bayo kuHulumeni Wobumbano Kuzwelonke (GNU) kufanele bavikele uRamaphosa ngesikhathi kuqhubeka lolu daba.

“Ukuxoshwa kukaMengameli kuyindaba enkulu kakhulu. Sesikubonile phambilini ukuthi lezi zinqubo zingaphazamiseka nokuthi amalungu ePhalamende aziphathe ngendlela engafanele.

“Kukhona ukungaqiniseki okuningi kuleli. Kunezinkinga eziningi ezidinga ukuthi uhulumeni asebenze kahle futhi agxile emsebenzini. Angikholwa ukuthi kuzoba yinto enhle kubantu baseNingizimu Afrika ukuthi uMengameli asuswe esikhundleni,” kusho yena.


Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Uthukela Times All Rights Reserved