UPHAKELUMTHAKATHI UPHIKA IZINSOLO ZOKUTHATHA INTOKAZI YASEZIMBABWE


UPhakelumthakathi usephike izinsolo ezithi uganwe noma unobudlelwano bothando nentokazi yaseZimbabwe. Lokhu kulandela ukuthi intokazi eyaziwa ngoBekezela Dube, edabuka eZimbabwe, ithe yona noPhakelumthakathi bayathandana futhi yaze yaveza nezithombe kanye namavidiyo abo bendawonye ezinkundleni zokuxhumana.

UPhakelumthakathi, owaziwa njengesishoshovu somkhankaso wokulwa nabokufika abangekho emthethweni, uthi lezi zinsolo azilona iqiniso futhi akanankosikazi wangaphandle. Uveze ukuthi wake waba nobudlelwano bothando nentombi yakwamanye amazwe, kodwa wathi lobo budlelwano abuzange bufike ezingeni lomshado noma ukuqhubeka okusemthethweni, uthi futhi wayeqinisekisile ukuthi ikuleli ngokomthetho.

Isishoshovu uphakelumthakathi nowayeyisinqandamathe sakhe odabuka ezweni laseZimbabwe uBekezela Dube

Uphinde waveza ukuthi uma le ntokazi iqhubeka nokumkhuluma ezinkundleni noma isakaza ulwazi ngaye, uzophuma nezimfihlo athi ubengafisi ukuthi zivele emphakathini.

Lesi simo sesidale isasasa ezinkundleni zokuxhumana nasemphakathini, ikakhulukazi kulabo abangahambisani nemikhankaso yokuxoshwa kwabokufika, abathi lesi sishoshovu siyishaya phambili siyishaye emumva.

UPhakelumthakathi yena uthi abantu akufanele badidwe “umona” noma izinhlelo zokumhlambalaza, egcizelela ukuthi umile emsebenzini wakhe nakumgomo awulwelayo.


Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Uthukela Times All Rights Reserved