I-IDAC IPHIKISA AMAHEMUHEMU OKUPHUMA KOMYALELO WOKUBOSHWA KUKAMKHWANAZI


I-Independent Directorate Against Corruption (IDAC), okuwuhlaka olukhwthekile olulwa nenkohlakalo ngaphansi kweNational Prosecuting Authority (NPA), ikhiphe isitatimende izolo ngomhlaka 17 Meyi 2026 iphikisa amahlebezi asabalele ezinkundleni zokuxhumana athi kukhona incwadi yokuboshwa (J50 warrant of arrest) kaKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant-General Nhlanhla Mkhwanazi.

I-IDAC ithe lezi zinsolo zingamanga futhi ziqhutshwa abantu abafuna ukuphazamisa umsebenzi walolu phiko kanye nemizamo kaMkhwanazi yokulwa nobugebengu, ikakhulukazi ukubulawa kosopolitiki kanye namaqembu ezigebengu KwaZulu-Natal.

Lesi sitatimende siphinde sanxusa umphakathi ukuthi uqaphele ulwazi olungamanga olusatshalaliswa ngenhloso yokuphazamisa ukusebenza kwezinhlaka zomthetho.


Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Uthukela Times All Rights Reserved