U-Aphiwe, umfundi eGabangemfundo Primary School e-Uitvaal, uthole indawo yesithathu emncintiswaneni wokufundwa kwezincwadi obubanjwe kusukela mhla ziyi-19 kuya kumhla zingama-20 kuNhlolanja 2026 eWestville, eThekwini.
UMasipala Wendawo wase-Alfred Duma, oholwa yiMeya uKhansela Z.J. Sibisi, kanye noMasipala Wesifunda sasiThukela, uhalalisele u-Aphiwe Buthelezi ngokusebenza kwakhe okuhle kakhulu eMncintiswaneni Wokufunda Wesifundazwe.
Loluhlelo beluhlelwe ngokubambisana phakathi koMtapo wolwazi wase-Alfred Duma kanye noMnyango Wezemidlalo, Ubuciko Namasiko, okuhloswe ngawo ukukhuthaza ukufunda nokubhala nokuqinisa amakhono okufunda phakathi kwabafundi.
Emele iSifunda saseThukela, u-Aphiwe wahlaba umxhwele abahluleli ngokushelela kwakheum efunda, ukuqonda, ukubiza amagama kanye nokukhuluma.
Umasipala uphinde wabonga uthisha wakhe, uNkk Zwane, ngokuzinikela kwakhe ekuqinisekiseni ukuthi u-Aphiwe ulolongeke kahle.

