BAKHALA NGOMGWAQO OMUBI E MHLUMAYO EMNAMBITHI


Umphakathi waseMhlumayo eMnambithi uthi usukhathazekile ngokunganakwa yiziphathimandla, njengoba uthi usuwenze konke ukuzama ukuthola intuthuko efana nezinye izindawo.

Izakhamuzi zikhala kakhulu ngomgwaqo othi usuguguleke kakhulu iminyaka, waze wangasabonakali nokuthi wake waba wumgwaqo. Zithi lesi simo sibeka impilo yabantu engozini, ikakhulukazi izingane zesikole eziphoqeleka ukuwusebenzisa nsuku zonke.

Kuphinde kube nenkinga yebhuloho emfuleni elingabonakali kahle, okwenza izingane ziphoqeleke ukukhulula izingubo ukuze ziwele uma amanzi enyuka.

Umphakathi usunxusa uMasipala wase-Alfred Duma ukuba ungenelele ngokushesha, uthi isimo sesibi kakhulu futhi sidinga ukulungiswa ngokuphuthumayo.


Uthukela Times All Rights Reserved