I-DA ITHI UKUPHUMA KWE-NFP NGEKE KUPHAZAMISE UHULUMENI WESIFUNDAZWE E-KZN


IDemocratic Alliance (DA) KwaZulu-Natal ithi isinqumo seNational Freedom Party (NFP) sokushiya iGovernment of Provincial Unity (GPU) akusho ukuthi sekuzobekwa uhulumeni omusha wesifundazwe.

Umholi we-DA esifundazweni uMnuz Francois Rodgers uthi amaqembu asele azohlangana akhulume namanye amaqembu acabanga njengawo ukuze kugcinwe isifundazwe sizinzile.

URodgers uphakamise ukuthi lesi sinqumo singamataniswa nezikhundla zobuholi, wathi phambilini umholi we-NFP wayefuna isikhundla sobumeya eZululand. Ugcizelele ukuthi isifundazwe sisamile futhi awukho uhulumeni omusha okwamanje.

Umhlaziyi wezepolitiki, uSolwazi Bheki Mngomezulu, ukholelwa ukuthi ukuhoxa kwe-NFP kuhlobene nokudinwa kulandela ukuhluleka wukuthola isikhundla sobumeya baseZululand, okuyinto iqembu ebeyilindele kodwa yangasithola.


Uthukela Times All Rights Reserved