WASHINGTON, DC - SEPTEMBER 24: Washington DC Metropolitan Police Officer Debra Domino wears one of the new "body-worn cameras" that the city's officers will begin using during a press conference announcing the details of the program September 24, 2014 in Washington, DC. The MPD's use of the cameras is intended to accurately document events, actions, conditions, and statements made during citizen encounters, traffic stops, arrests, and other incidents with the city's police officers. (Photo by Win McNamee/Getty Images)
IDemocratic Alliance (DA) isiphakamise ukuthi kuphuthunyiswe uhlelo lwamakhamera afakwa emzimbeni(Body Cams) emaphoyiseni aseNingizimu Afrika (SAPS) kulandela uchungechunge lwezigameko zokudubulana KwaZulu-Natal ezishiye okungenani abasolwa abayisishiyagalombili beshonile kuleli sonto.
Iqembu selicele ngokusemthethweni isithangami sasephalamende kuMnyango Wezamaphoyisa, likhuluma ngokubambezeleka kokuqaliswa kohlelo lwamakhamera omzimba, yize noma sewedlulile umnqamulajuqu ka-2025. Esinye sezigameko senzeke eNanda ngesikhathi kunomkhankaso wamaphoyisa wokulwa nobugebengu.
I-DA ithi amakhamera abalulekile ukuze kuqondakale kahle ukuthi kwenzekani endaweni yesigameko, ukubeka izinto obala kanye nokwethenjwawumphakathi, ikakhulukazi ngesikhathi sokungenelela kwamaphoyisa okubulalayo.
