Umphakathi waseWembezi eMahhashini uthukuthele ugane unwabu kulandela isigameko esishaqisayo esenzeke izolo, lapho owesilisa wokufika okuthiwa uhlala kuleli ngokungemthetho eshaye wabulala owesifazane obeyintombi yakhe. Kuthiwa lo wesilisa ubemphoqa ukuthi babuyelane, kwagcina ngokuba kube nodlame oluholele ekushoneni kwakhe esigamekweni.
Amaphoyisa abizwe ngokushesha kanti umsolwa uboshiwe futhi uvalelwe esitokisini, uphenyo luyaqhubeka. Umphakathi usuhlabe ikhwelo lokuthi kube nokubambisana namaphoyisa nokuthi umthetho usebenze, kugwenywe ukuzithathela umthetho ngezandla. Iziphathimandla zinxusa ukuthula nokubika noma yiluphi ulwazi olungasiza uphenyo.

