I-IFP ITHI YAMUKELE INQWABA YABANTU ABAVELA KWAMANYE AMAQEMBU E-MTSHEZI


Iqembu leNkatha Freedom Party lithi lemukele izindimbane zabantu abasha abavela kwamanye amaqembu ezepolitiki eMtshezi, ngesikhathi somhlangano omkhulu obuhanjelwe nguMengameli weqembu, uVelenkosini Hlabisa.

Lo mcimbi ububanjelwe eWard 7 eGoodhome Sports Ground ngaphansi kwe-Imbabazane Constituency, lapho iqembu lithe khona liyaqhubeka nokukhula futhi lithola ukwesekwa okuvela emphakathini. I-IFP ithi ukufika kwala malungu amasha kuwuphawu lokuthi abantu bayaqhubeka nokwethemba iqembu kanye nobuholi balo.

Kulo mcimbi bekulindeleke nokuthi kube khona abaculi abazosiza ekunandiseni abantu, okubalwa uMafikizolo, Feza, Ntencane, Shenge WasesHlalankosi, Menzi noPhakade Akagugi.

Iqembu lithi lokhu kuyisiqalo esiqinisa umsebenzi walo wokwakha ubumbano nokuletha intuthuko emphakathini waseMtshezi.


Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Uthukela Times All Rights Reserved