UMasipala wakaMhlabuyalingana,obuholwa uCllr T.S Khumalo, ehambisana nokhansela waseWard 18 uCllr B.I Biyela kanye noMphathi kaMasipala uMnz N.P.E Myeni, bavakashele imindeni emine eshonelwe ngamalungu ayo engozini yemoto enyantisa igazi eyenzeke ngoLwesihlanu ebusuku endaweni yaseMshanelweni ku-R22.
UMeya uvakashele umndeni wakwaTembe, umndeni wakwaMdluli, umndeni wakwaMakhanya kanye nomndeni wakwaMkhabela, lapho ahlangane khona nemindeni ebhekene nobuhlungu bokulahlekelwa.
Ube esedlulisa amazwi enduduzo, wakhuthaza imindeni ukuthi iqine kulesi sikhathi esinzima.
UMeya uphinde wathembisa ukuthi uMasipala uzobheka izindlela zokweseka imindeni, ikakhulukazi lapho kunesidingo sosizo.
Wathi uMasipala uzohlala useduze nemindeni futhi uzimisele ukulekelela lapho kunesidingo khona.

