KUZOCACA NAMUHLA NGEKUSASA LEMEYA YASENEWCASTLE


UMeya waseNewcastle uMhlonishwa uXolani Dube ubhekene nengcindezi enkulu njengoba amakhansela e-ANC efake isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bakhe. UDube ubuye abe ngunobhala we-IFP KwaZulu-Natal.

Namuhla kulindeleke umhlangano womkhandlu eFarmers Hall lapho kuzodingidwa khona lezi ziphakamiso. Phakathi kwazo kukhona esethulwe uCllr Ndebele we-ANC, esihlose ukumkhipha esikhundleni sobumeya ngenxa yezinsolo zobuholi obungasathembakele.

Kukhona futhi nesiphakamiso sokuthi kwenziwe i-lifestyle audit ukuze kuhlolwe indlela aphila ngayo, kulandela izinsolo zokuthi uthola imali eningi evela enkampanini yonogada iMI7.

Umkhandlu waseNewcastle unezihlalo ezingu-67, kanti kudingeka izihlalo ezingu-37 ukuze kuthathwe isinqumo. Lokhu kusho ukuthi imiphumela izoncika ekutheni amakhansela azovota kanjani kulolu daba olubucayi.


Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Uthukela Times All Rights Reserved