Bebephume ngobuningi babo abathandi bomculo wokholo kanye nabazalwane e-Indoor Sports Center eMmnambithi izolo nalapho bekubanjelwe khona Indumezulu Gospel Music Show.
Indumezulu Gospel Music Show okungeyokuqala kulonyaka ibihlelwe yinkampani iLet’s go productions. Kulomcimbi bekuboshelwe abaculi abaqavile nabathandwayo emculweni wokholo kuleli esingabala kubo uAyanda Ntanzi, uJumbo, Dumi Mkokstad, Thobekile nabanye abaningi. Kanti nabaculi bendawo abavalelwanga ngaphandle njengoba abantu bathokozele nomculo omnandi obuvela ku Ndi Mchunu, LA Gumede, Veli Nhlengethwa angeke sakhohlwa nguMabotha.
Abazalwane bebehuba baphinde badansele izingoma abazithandayo ubungafunga besebelibona izulu.
Abafundisi bamabandla ahlukene eMnambithi nabo bebeyingxenye yalomcimbi.