I-African National Congress (ANC) ithi imashi ehlelelwe usuku Lwamalungelo Abantu ayikona ukuhlasela uhulumeni kodwa iyisikhumbuzo sokuthi iNingizimu Afrika kusenebanga okusamele ilihambe ukuze kufezwe ukulingana.
Iqembu limemezele ukuthi lizobamba lokho elikubiza nge-“People’s March” eGoli ngoMgqibelo, zingama-21 kuNdasa. Imashi izoqhubeka idlulele edolobheni kuze kuyofika e-Constitution Hill, lapho okulindeleke ukuthi izikhulumi zibheke inqubekelaphambili kanye nezinselelo zezwe kusukela kwaqala ukubusa ngentando yabantu.
UNobhala-Jikelele we-ANC uFikile Mbalula uthe le mashi ihlose ukuvikela intando yeningi yaseNingizimu Afrika nokugqamisa amazwi nokukhathazeka kwezakhamizi nje.
Uthe le mashi imele amathemba abasebenzi, intsha, abesifazane nemiphakathi ezweni lonke esazibophezele ekubumbeni ikusasa elingcono leNingizimu Afrika.

