Inyunyana yabasebenzi bakamasipala iSouth African Municipal Workers’ Union (SAMWU) isimemezele ukuthi izoya emigwaqeni ngoMsombuluko mhla ziyi-9 kuNdasa 2026 ikhombisa ukungagculiseki ngendlela okuqhutshwa ngayo uMasipala wesiFunda sasoThukela.
Le nyunyana ithi isimo sikamasipala sesifinyelele ezingeni elibucayi ngenxa yezinsolo zokuphathwa kabi kwezimali, ukungasebenzi kahle kwabaphathi kanye nokungaqiniseki ngemiholo yabasebenzi. ISAMWU ithi abasebenzi kanye nomphakathi abasakwazi ukuthula njengoba izinsizakalo zomphakathi ziya ngokuya zehla.

Phakathi kwezinto ezifunwa yile nyunyana kukhona ukuthi kususwe ngokushesha abaphathi abaphezulu abasolwa ngokwehluleka ukuphatha kahleizimali, okubalwa kubo uMenenja kaMasipala uLangelihle Jili kanye neBamba leSikhulu Sezezimali uBusani Ndlovu. Inyunyana iphinde iveze ukuthi ukungenelela kukahulumeni wesifundazwe ngaphansi kwesigaba 139 kwaphela ngaphambi kwesikhathi, nakuba izinkinga zezimali ziqhubeka nokudlondlobala.
ISAMWU iphinde yanxusa uhulumeni kazwelonke, ikakhulukazi uMnyango weCooperative Governance kanye noMgcinimafa Kazwelonke, ukuthi bangenelele ngokushesha ukuze kulungiswe isimo sikamasipala.
Le nyunyana ithi umbhikisho wangoMsombuluko uzoba yindlela yokuphoqa izinguquko, igcizelela ukuthi abasebenzi kanye nomphakathi kumele bahlangane ukuze kulwiswe inkohlakalo futhi kuvikelwe ikusasa likaMasipala wesiFunda sasoThukela.

