Abaseshi bophiko lweVehicle Crime Identification Section (VCIU) babophe abasolwa ababili abaneminyaka engu-28 no-35 ubudala mayelana necala lokuduna imoto nelokubulala eZakheni.
Amaphoyisa abephenya ngeveni i-Isuzu etholakale ilahliwe ngoMgqibelo endaweni yasManzabilayo EZakheni. Imoto ibingenazo izinombolo nokutholakale ukuthi kubonakale amadoda amane abehamba ngayo afike ayishiya khona. Amaphoyisa athungathe umnikazi wayo obhalisiwe, nabe esethola ukuthi ngeyomlisa osekhulile okuthiwa uhambe eya edolobheni kodwa akangabuya.
Kuvulwe icala lomuntu odukile, okuholele ekutheni kuqale ukuthungathwa kwalomlisa oneminyaka engu -75 ubudala. Uphenyo luholele amaphoyisa kubasolwa ababili endaweni yaseMbulwane ngeSonto ekuseni.
Abasolwa ngokuhambIse kwesikhathi bakhombise amaphoyisa endaweni eyihlathi ku-Albert Street, lapho belahle khona isidumbu salomlisa obedukile. Nebala amaphoyisa afike asithola isidumbu.
Kulindeleke ukuthi bavele eNkantolo yeMantshi yaseMnambithi bebhekene necala lokuduna imoto nelokubulala. Abasolwa ababili abengeziwe basathungathwa.

