SEKUPHELE IVIKI LONKE KUNGAFUNDWA ESIKOLENI SASEBERGVILLE NGENXA YENGXABANO YOTHISHA


Kudingeke ukuthi kume nse ukufunda esikoleni samabanga aphezulu esikoleni sasebergville emva kokuxabana kothisha noThishanhloko.

Othisha baseBambazi High School endaweni yasemawosi eBergville babeke phansi amathuluzi emva kokungaboni ngasolinye nothishanhloko wesikole. labothisha bakhala ngokuthi uthishanhloko ubasayinisa amaform okuthi bathathe amalivu angakhokhelwa. Kuthiwa uthishanhloko akanendaba ukuthi ubikile futhi waletha nencwadi kadokotela kodwa yena ukunikezela iilivu engakhokhelwa.

Esigamekweni sakamumva okuthiwa senzeke ngolwesihlanu, kuthiwa lothisha ube esehlasela omunye othisha emva kwenxabano evele ngesikhathi lothisha eyombuza ukuthi kungani ekhuluma ngaye ku-SGB. Kuthiwa uthishanhloko ube esevuka ngolaka wahlasela lothisha.

Othisha balesi sikole bathi angeke balubhade emakisasini kuze kube kufika umnyango ozobachazela kahle ngamalivu kanye nezinye izikhalo abanazo ngalesi sikole.

Uzokhumbula ukuthi lesi sikole ngonyaka ka-2023 sake saba sematheni ngokuthola u 100% kumatikuletsheni nokwathi emva kwesikhathi kwatholkala ukuthi kukhona umkhonyovu wokukopela owenzekile, nokwadala ukuthi kugcine kuphase abafundi abathathu kuphela laba abanye abangu 113 baphenywa.


Uthukela Times All Rights Reserved