UNgqongqoshe wezokubusa ngokubambisana nezindaba zomdabu esifundazweni iKwaZulu-Natal uMfundisi Thulasizwe Buthelezi uncome kakhulu uzinzo kwezepolitiki ebuholini bomkhandlu uMhlathuze, obubungaza umbiko wezezimali ongenagcobho iminyaka engu – 11 ilandelana. Lomkhandlu ubuhanjelwe uNgqongqoshe wezokubusa ngokubambisana nezindaba zomdabu kuZwelonke uMhlonishwa uVelenkosini Hlabisa, ngesikhathi kunomcimbi wokubungaza abasebenzi, amakhansela kanye nezinhlangano zomphakathi ngeqhaza lazo ekutheni lo masipala uthole imibiko wezimali ongenagcobho.lomcimbi bubanjelwe Empangeni Civic Centre kumkhandlu waseMhlathuze
UMKHANDLU UMHLATHUZE UBUNGAZE UMBIKO WEZEZIMALI ONGENAGCOBHO IMINYAKA ENGU-11 ILANDLANA

