KUKHUNJUZWE AMAKHANSELA OMKHANDLU WASE-NKANDLA UKUTHI ATHENJIWE EMIPHAKATHINI


UMkhandlu waseNkandla ubenomhlangano wezinsuku ezimbili eSalt Rock Hotel, lapho iMeya yomkhandlu uCllr Nonhlanhla Nzuza uvule khona lomhlangano ngokukhumbuza amakhansela ukuthi athenjiwe emiphakathini futhi kumele njengabaholi bahlale phansi babuyekeze ezinye zezinto ezithinta izidingonqangi zomphakathi.

Izikhulu zeminyango kahulumeni bezikhona ziyingxenye yalo mhlangano okubalwa isikhulu esibhekelele ukusatshalaliswa kwentuthuko edidiyelwe ehhovisi likaNgqongqoshe wakaCOGTA uMnuz Siyabonga Manyanga kanjalo nesikhulu sezokuXhumana ehhovisi likaNdunankulu uMnuz Bongani Gina kanti namakhansela ebephume ngobuningi bawo awazange azishiye ngaphandle izidingo zomphakathi, anxuse umkhandlu ukuba uqhubeke nokunxenxa neminyango efanele ukuze kubonakale izikhalo eziningi ziphathelene nayo.

Phakathi kwale minyango kubalwa umnyango wezokuHlaliswa kwaBantu esifundazweni obhekelele ukwakhiwa kwezindlu zemixhaso kahulumeni kwazise ziningi izigameko zenhlekelele ezishiya abantu budengwane. Ngaphandle kwawo umnyango wezokuThutha obhekelele imigwaqo eminingi esesimweni esibucayi eNkandla awusalanga, izakhamizi zikhala ngokuthi lemigwaqo yenza impilo ibenzima ngisho zibheke ematohweni ekuseni nantambama nokukhalisa nabashayeli bezimoto.

Okunye okuphinde kwavezwa kulomhlangano ukuthi yize umkhandlu waseNkandla umncane futhi uphila ngesabelomali esiyisibonelelo esincane kodwa ubhekene nengcindezi yokwanda komthamo wezicelo zabantu. Lezi zicelo zikhombisa ngokusobala ukuthi amawadi aseNkandla ayakhula futhi nesibalo sezakhamizi sibangaphezulu kwemali yokuhlinzeka izidingo.


Uthukela Times All Rights Reserved