Zethenjiswe ukuthi u-Eskom uzoza ezohlola isimo ngoLwesine izakhamuzi zasePhayikeni/Emoba. Lomphakathi uvuke namuhla ngovivi wanikela emahhovisi alenkampani eMnambithi lapho befune khona izimpendulo ngokungabi bikho kukagesi.
Lezi zakhamuzi zithi zagcina ukuba nogesi ngomhla ka 28 December 2025, emva kwalokho wanqamuka batshelwa ukuthi kulimale iTransformer. Emva kwalokho bebelokhu begqigqa kulamahhovisi befuna usizo kodwa baphoswe ngapha nangapha.
Namuhla izikhulu zalenkampani ziphumile zaxoxa nabo zabatshela ukuthi zizothumela ithimba ngoLwesine mhla ka 26 February. Lomphakathi unqumele ugwayi katiki lezi zikhulu ukuthi uma kwenzeka bengafiki, zizobuya kulamahhovisi ngoLwesihlanu.

