IMEYA YASELANGALIBALELE IVAKASHELE ISIKOLE IKHULANGOLWAZI WAHLOLA NENQUBEKELA PHAMBILI YOMGWAQO KUWARD 17 no 9


IMeya yaseLangalibalele, uMduduzi Myeza, iqhube umkhankaso wanamuhla we Back to School ngokuvakashela iKhulangolwazi High School eseWard 12 ngaphansi kukaKhansela Hadebe.

Lesi sikole siholwa uThishanhloko uMnu Nsuntsha, futhi sizuze u-86,2% wokuphumelela. Yize singesona isikole esinabafundi abaningi, siqhubeka nokukhiqiza imiphumela emihle nenconywayo. IMeya ibonge othisha, amalunga eSGB, abazali kanye nabafundi ngokuzinikela ekuthuthukiseni izinga lemfundo.

Ngemuva kwalokho, IMeya uye wayohlola umsebenzi wokufakwa kwetiyela eWembezi, iphrojekthi ehlanganisa uWard 17 noWard 9. Umgwaqo uqala eVQ Clinic udlule eSt. Johns uye eMahhashini, ujoyine umgwaqo omkhulu osetshenziswa amatekisi.

Kulindeleke ukuthi umsebenzi uphothulwe kule mpelasonto.


Uthukela Times All Rights Reserved