KULIMALE abantu abathathu abebehamba ngezinyawo, oyedwa wabo kanzima ngemuva kokushayiswa yimoto ku-Oost Street ngasePrincess Mkabayi Mall eVryheid ngoLwesithathu ekuseni.
Abezimo eziphuthumayo KwaZulu-Natal baphuthume endaweni yesigameko ngabo-08:00, lapho umshayeli wemoto ehlulekile ukuyilawula yashayisa abantu abathathu abebewela umgwaqo. Kuthiwa abebehamba ngezinyawo abalimele bebeya emsebenzini ngesikhathi sesigameko.
Abezimo eziphuthumayo benze ukuhlola okusheshayo lapho befika. Isiguli esisodwa sithole imihuzuko ebucayi, ebeka impilo yakhe engcupheni futhi sadinga usizo lwezempilo olusezingeni eliphezulu endaweni yesigameko, kwathi abanye ababili balimala kabi. Bobathathu bazinzile ngaphambi kokuba baphuthunyiswe esibhedlela esiseduze ukuze bathole usizo oluphuthumayo.
Abagibeli bemoto bahloliwe batholakala bengenamiyocu. Amaphoyisa abekhona endaweni yesigameko kanti sebeqale uphenyo ukuze bathole imbangela yengozi.

