UKHALA NGOKUNGANAKWA UHULUMENI UMPHAKATHI WASETHINTWA EBERGVILLE


Umphakathi waseThintwa, kuWard 13 eBergville ngaphansi kukaMasipala wasoKhahlamba, ukhala kakhulu ngentuthuko ehamba kancane kanye nengqalasizinda eyonakele ebeka izimpilo zabantu engcupheni.

Ibhuloho elikuD364 selibe yinkinga enkulu emphakathini. Izakhamuzi zithi selonakele kakhulu kanti noma zike zazama kaningi ukuxhumana noMnyango Wezokuthutha, azikaze zithole usizo olugcwele. Kunalokho, kufakwa inhlabathi nje egcina iguguleka uma kunezimvula, okwenza isimo sibe sibi kakhulu.

Ngenxa yaleli bhuloho, iMobile Clinic ayisakwazi ukufinyelela eThintwa futhi seyigcina eGeluksburg. Lokhu kuphoqa izakhamuzi, ikakhulukazi abaswele, ukuthi ziqashe amaveni ukuze ziyothola usizo lwezempilo, okubabeka ngaphansi kwengcindezi enkulu yezimali.

Inkinga yenethiwekhi nayo isiphenduke inselelo enkulu. Abantu kudingeka bahambe amakhilomitha angu-2 kuya ku-3 ukuze bathole isignali, okwenza kube nzima kakhulu uma kudingeka usizo oluphuthumayo. Umphakathi uthi sekube nezimo lapho abantu bedlula emhlabeni bengakwazi ukucela usizo ngenxa yokungabibikho kwenethiwekhi.

Izakhamuzi zithi intuthuko eThintwa igcina ngokuba izithembiso zosopolitiki ngesikhathi sokhetho kuphela, bese kuthuleka ngemuva kwalokho. Zinxusa iziphathimandla ukuthi zingenelele ngokushesha zilungise ibhuloho, zibuyisele izinsiza zezempilo futhi zibhekane nenkinga yenethiwekhi.

Umphakathi uthemba ukuthi ngokuphakanyiswa kwalolu daba, iziphathimandla zizobona isidingo sokuletha usizo nokuthuthukisa izimo zokuphila zabantu baseThintwa.


Uthukela Times All Rights Reserved