IMEYA UMDUDUZI MYEZA UGQUGQUZELE ABASEBENZI NGOKUHLANZA IDOLOBHA UMTSHEZI


Imeya kamasipala waseLangalibalele, uMduduzi Myeza, ihlangane nabasebenzi bakamasipala namhlanje ekuseni emhlanganweni wokubagqugquzela ukuthi baqinise ukusebenza kwabo, ikakhulukazi abasebenza ukuhlanza imigwaqo edolobheni laseMtshezi.

UMeya ugcizelele ukubaluleka kokuzinikela emsebenzini, wathi yize kukhona intuthuko ebonakalayo, kusekhona izindawo ezingakahlanzeki ngendlela eyanele. Uthe sekuyisikhathi sokuthi abasebenzi “baphakamise amasokisi” ukuze idolobha libonakale lihlanzekile ngaso sonke isikhathi.

“Akukho nokuthini, ubusuku sebufana nemini ngenxa yomsebenzi. Ngibonile ukuthi kukhona izindawo engingasajabule ngazo ngokwenhlanzeko. Ngakho ngicele abasebenzi ngaphansi koMnyango weCommunity Services, ikakhulukazi iWaste Services Unit, ukuthi bayeke okwamanje abakwenza babhekane nokuhlanzwa kwalo lonke idolobha, ikakhulukazi endaweni eseduze neposi,” kusho uMyeza.

Imeya ithe ukuhlanzeka kwedolobha kuyisithombe somasipala emphakathini nasezivakashini.


Uthukela Times All Rights Reserved