Ibibhalwe emehlweni injabulo kubafundi abangu-14, abathole imifundaze ehhovisini likaNgqongqoshe woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi. Labafundi banyelwe yinyoni esandleni njengoba lomfundaze ukhokhela konke abazobe bekudinga okuhlanganisa nendawo yokuhlala.
Ngaphambi kokuba ethule abafundi ababe senhlanhleni, uNgqongqoshe Buthelezi uqale ngokubonga abazali balabafundi wathi imiphumela yabo isho ukuthi nabo bakwazile ukudlala indima yabo beseka abafundi ngakho konke abebekudinga yonke leminyaka besemabangeni ehlukene esikole.
UNqongqoshe uqhubeke wathi kujabulisa kakhulu ukuthi abafundi abakwaze ukuthola imifundaze bangabanye babenze kahle ezifundweni zabo futhi baphuma ngaphansi kwezifunda zomasipala abahlukene okuhlanganisa uMkhanyakude, iZululand, iKing Cetswayo, neThekwini.Wathi lokhu kuyabakhuthaza njengohulumeni ukubona abantu abasha beyinak imfundo.
USihlalo weqembu lebhola i-AmaZulu FC, naye unikelele labafundi ngaba-voucher enani lika-R2000 okuthenga izimpahla zokugqoka kwaWoolworths.

