Ube yimpumelelo umncintiswano wowamanqamu ohlanganisa ukuhaya izinkondlo kanye nomculo weHip Hop.
Lommcintiswano owaziwa nge Poetry And Hip Hop District Finals ngaphansi kwesiqubulo esithi SUKASAMBE, ububanjelwe ehholo lomphakathi eWoodford ngaphansi kukamaspala uKhahlamba. Bese kungowanqamu lona emva komjikelezo ohambele bonke omasipala abangaphansi kwesifunda uThukela.
uMnyango Wezemidlalo, Ubuciko Namasiko ubambisane nenhlangano emele amaciko iCCIFSA oThukela ukuhlela lomcimbi. Usihlalo weCCIFSA OThukela uMnumzane Sandile Mazibuko ubonge umnyango ngokuhlela lomcimbi futhi wabonga namaciko aphume ngobuningi bawo azoba yingxenye yawo.
Umnyango uchithe imali engango R44 000 kumaciko ebengenele lona wamanqamu. Nawa amaciko aphumelele:
Kwizinkondlo
- Zinhle Magwaza (Alfred Duma) – R10 000. 00
- Siyabonga Mahlasela (Inkosi Langalibalele) – R7000. 00
- Samkelo Mlambo (Ukhahlamba) – 5000. 00
KwiHip hop
- Sithembiso Ndlovu (Inkossi Langalibalele) – R10 000. 00
- Siyanda shezi (Inkosi Langalibalele) – R7000. 00
- Melusi Dube (Ukhahlamba) – R5000. 00