MEC COGTA:Mfu Thulasizwe Buthelezi
UNgqongqoshe woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, useqinisekise ukususwa esikhundleni njengekhansela uCaroline Mthembu eMkhandlwini waseMandeni, lokhu kuza ngemuva kophenyo olwalwenziwa ngokuziphatha kwakhe ekulandeleni umthetho olawula kuphathwa komasipala iLocal government municipal structures act,117 of 1998.
Isinqumo sikaNgqongqoshe siza ngemuva kokuthi kuphothulwe uphenyo ngezinsolo ebezenziwe ngaphambilini, lapho kutholakale khona ukuthi uMthembu wephule kaningi uMthetho Wokuziphatha kwamaKhansela.UMthembu wanikwa ithuba lokuphendula lezi zinsolo kodwa akazange afake impendulo.
uNgqongqoshe uButhelezi uthe ukungaziphathi kahle kwabamele umphakathi kulimaza ukwethenjwa komphakathi kuhulumeni wasekhaya kanye nesithunzi semikhandlu.
Uqhube wathi amaKhansela kulindeleke ukuthi aziphathe ngendlela efanele, athembeke futhi aphendule ngezenzo zawo.Ungqongqoshe uButhelezi uphinde waqinisekisa ukuthi uhulumeni wesifundazwe uzoqhubeka nokukhuthaza ubuholi obunesimilo, ukuziphendulela nokubusa ngendlela efanele komasipala baseKwaZulu-Natal.
