Kusetshenziswe ubufakazi obuhlanganisiwe nengonyuluka kammangalelwa lapho ahlambuluka khona kumuntu thizeni ngesigameko sokubulala ngesikhathi kugwetshwa owesilisa oneminyaka ewu 50 ubudala,lokhu kuza nje inkantolo yesiFunda ePinetown imgwebe iminyaka ewu-24 ibhadla ejele ngecala lokubulala nokuphambana nomthetho u-Section 49(1)(a) of the Immigration Act Act 13 of 2002. Isigameko senzeka eDassenhoek eMarianhill ngoNovember 2024. Umgilwa nommangalewa babenobudlelwano futhi benengane.
Ubufakazi buveza ukuthi isidumbu sikamufi satholwa yingane yakhe eyangena endlini yasifica sidindilizile uyise elele. Ingane yaphuthuma yabikela omakhelwane.
Ngesikhathi befika esigamekweni, omakhelwane bathola ukuthi ummangalelwa wayezama ukuvusa umufi kodwa wangavuka. Kwabizwa abezimo eziphuthumayo. Ubufakazi buveza ukuthi umufi wayekade ebalekele komakhelwane ebabikela ukuthi ummangalewa wayemshaya. Ngesikhathi omakhelwane bengenelela, ummangalewa wabatshela ukuthi abanake izindaba zabo. Akekho umuntu owabonakala engena noma ephuma kwaze kwaba ingane ithola isidumbu. Ummangalewa waboshwa.
ngokusho kokhulumela iNational Prosecuting Authority,uNatatasha Ramkission-Kara uthi inkantolo ithe ngenxa yokuthi umufi nommangalelwa babenobudlelwano basekhaya, isigwebo esibekiwe wudilikajele kodwa inkantolo ichezukile yathi kunezizathu ezimqoka. Uqhube wathi inkantolo ithe ummangalelwa uyaqala ukulahlwa ngecala futhi abukho ubufakazi obuveza ukuthi ngeke esalungiseka isimilo.
Ummangalelwa ugwetshwe iminyaka ewu-22 ngokubulala neminyaka emibili ngokuphambana nemithetho ephathelene nokuhambela amazwe. Inkantolo ithe isigwebo uzosidonsa sinjalo kube yiminyaka ewu-24.
