Njengoba iningizimu igubha inyanga yamadoda njalo ngenyanga kaNtulikazi, kube nezingxoxo zesibaya samadoda endaweni yaseBergville eMamfemfetheni ukuqinisekisa ukuthi amadoda ahola imindeni ephilayo enemfudumalo kanye nemiphakathi ephephile.
Lezingxoxo bezihanjelwe yiminyango eyahlukene KwaZulu-Natal sibala uDepartment of Health, Department of Social Development nezinye izinhlaka okungabaholi bomphakathi nezinhlangano zomphakathi, ukuhlomisa amadoda ngezingxoxo ezakhayo.
Loluhlelo lube yinkundla lapho kugqugquzelwe khona amadoda ukuba abe ngabaholi abayisibonelo emphakathini abalwa nanokuhlukumezana okusekelwe ngokobulili.
Kulomcimbi bebehanjelwe nguPrince Nhlanginiso Zulu njengesikhulumi sosuku,kukhona noMeya uVikizitha Mlotshwa, ogqugquzele amadoda ukuthi angathuli akhulume.ngezinkinga zawo.
