UMnyango wezokubusa ngokubambisana nezindaba zomdabu kwazulu-natal ububambe umcimbi wokuklomelisa imikhandlu eyenzekahle esifundazweni (COGTA Municipal Exellence Awards) ehholo ledolobha eMgungundlovu izolo ebusuku.
Lomcimbi ubuhanjelwe ngabaholi bomdabu, abaholi bomphakathi , ongqongqoshe Kanye nabasebenzi bemikhandlu eyahlikene kwaZulu-Natal.
Iphini likasihlalo wamakhosi asendlunkulu INkosi Ngqayizivele Sithole waso OThukela ungomunye wabebehambele lomcimbi waphinda wakhulumela umnyango wakhe emele iNkosi uShinga ongusihlalo obengaphumelelanga ukuthamela lowamcimbi uthe kuhle ukuthi kuqhakambiswe labo abenzekahle kodwa uyafisa ukuthi kubekhona imiklomelo yalabo abenza kabi ukuze bezogqugquzeleka ekwenzeni kahle, Inkosi ibe isihalalisela imikhandlu eyenzekahle yakhuthaza ukuthi abaholi basebenzisane ukuthuthukisa umphakathi.
UNgqongqoshe Nkkz Sithole -Moloi njengoba umnyango wakhe ubhekelele ukuqinisekisa ukuthi imikhandlu ihambisa kahle intuthuko emphakathini yingakho bebone kubalulekile ukubonga labo abenze kahle ukuze bezoqhubekela phambili kuphinde kugqugquzeleke nabanye.
Kwabahlomulile sibala nemikhandlu yasothukela nomsakazo njengoba Okhahlamba Local Municipality Kanye ne Langalibalele Local Municipality bathole umbiko womcwaningi mabhuku ongenagcobho
INqubekofm umsakazo womphakathi emnambithi ithole ispecial recognition and appreciation on disaster updates gold trophy.