INkantolo yesiFunda yaseVryheid igwebe u-Ayanda Ngobese (30) iminyaka engu-43 ejele ngokudlwengula izingane ezimbili ezineminyaka engu-9 no-11.
Lesi sigameko senzeka ngoSepthemba 2024 endaweni yaseDudusini, eVryheid, ngesikhathi kunomcimbi womndeni. NgoDisemba 2024, omunye umuntu omdala wezwa izingane zixoxa ngalokho okwakwenzekile, wase ebika emaphoyiseni.
Kuvele ukuthi uNgobese wabiza lezi zingane ngemuva kwezindlu lapho azidlwengula khona, kanti omunye umntwana wakubona konke okwenzeka.
Amaphoyisa ambopha, kwathi isicelo sakhe sebheyili sachithwa. Yize ephikile amacala, ubufakazi obuqoqwe abaphenyi kanye nobufakazi bezisulu benza inkantolo yamthola enecala.
INkantolo yaseVryheid yagcina imgwebe iminyaka engu-43 ebhadla ejele.
