KUXWAYISWA abantu abahola impesheni ukuthi baqaphele umkhonyovu lapho bethunyelelwa khona izincwadi ezingombombayi egameni lesikhwama iGovernment Employees Pension Fund (GEPF).
Kusolwa ukuthi izincwadi zomgunyathi zithunyelelwa amalungu eGEPF nabahola impesheni, kusetshenziswa amaphepha omgunyathi eGEPF ngamaqola azama ukuqola amalungu nabahola impesheni.
I-GEPF yeluleke ukuthi lezi zincwadi zicela amalungu kanye nabahola impesheni ukuthi bahlinzeke ngemininingwane yomuntu siqu njengezinombolo zikamazisi, izinombolo zempesheni kanye nemininingwane yasebhange.
Isitatimende seGEPF sengeze ngokuthi amalungu kanye nabahola impesheni baxwayiswa nangama-SMS abathunyelelwa wona abakhuthaza ukuthi basule bese belanda impesheni yabo ekhomba ukuthi bazothola izizumbulu zemali eningi uma besula esikhundleni sokuthatha umhlalaphansi.
Baphinde beluleke ngokuthi abahola impesheni namalungu alesi sikhwama bangaziphenduli lezi zincwadi. Ukubhalelana okunjalo kufanele kulethwe yi-GEPF kuphela. Abahola impesheni namalungu bayelulekwa ukuthi ngaso sonke isikhathi baxhumane neSikhwama ukuze baqinisekise noma yiluphi uhlobo lokuxhumana, ikakhulukazi uma belindele ukukhokhelwa impesheni yabo.
Iphinde yathi izinsiza zeGEPF zimahhala kanti amalungu nabahola impesheni bayacelwa ukuthi bangadluliseli imininingwane yabo efana nenombolo kamazisi, inombolo yempesheni, amakhelini e-e-mail, izinombolo zomakhalekhukhwini kanye nemininingwane ye-akhawunti yasebhange.