Ngenhloso yokweseka ukuthuthukiswa kwezemidlalo emphakathini kanye nokukhuthaza intsha Kubanjwe umcimbi wokunikezela ngezinsiza zemidlalo nobubanjelwe eRonderbosch,ngaphansi kukamasipala wendawo eMpofana.
Kulo mcimbi kunikelwe ngezinsiza ezahlukene zemidlalo ezihlanganisa amabhola ebhola lezinyawo, amabhola e-netball kanye nezigxobo ze-netball. Umasipala uthi lezi zinsiza zizokwenza kube lula ukuthi amaqembu omphakathi aqhubeke nokuzilolonga nokubamba iqhaza emiqhudelwaneni eyahlukene.
Abaholi bomphakathi nabamele izinhlangano zemidlalo babonge lolu xhaso, bagcizelela ukuthi luzofaka isandla ekuthuthukiseni amathalente entsha, lukhuthaze ukuziphatha okuhle, futhi luqinise ubumbano emphakathini.
