Umholi we-Economic Freedom Fighters (EFF) uJulius Malema kanye noNdunankulu waseGauteng uPanyaza Lesufi bajoyine inqwaba yabantu baseNingizimu Afrika esikhumulweni sezindiza i-OR Tambo International Airport ukuze bamukele iBafana Bafana ngoLwesithathu ekuseni.
IBafana ibuya ekhaya ngemuva kokuthola indondo yethusi sekukhahlelwa amaphenathi ibhekene neDR Congo ngoMgqibelo eFelix Houphouet-Boigny Stadium, e-Abidjan.
Ekhuluma nezihlwele, ukapteni uRonwen Williams ubonge abantu baseNingizimu Afrika ngokubeseka, nomoya wokulwa weqembu.
“Uzwano nobudlelwano esinabo kuleli qembu, umoya phakathi komunye nomunye uyamangalisa futhi ngicabanga ukuthi kungesinye sezizathu esenze saphumelela kangaka kulo mqhudelwano,” kusho uWilliams.
“Besindawonye, sibumbene. ENingizimu Afrika, sithi ubuntu, futhi yilokho kanye obekusikhuthaza. Lokhu kwasimisa idolo ngesikhathi izinto zinzima. Ukubambisana nje. Kuyajabulisa ukuba yingxenye yeqembu elinqobayo, iqembu elikhethekile. Benza umsebenzi wami ube lula njengokapteni.”
Umqeqeshi uHugo Broos uthe okuzuzwe yiBafana ku-Afcon akukakholakali namanje
“Ukushaya iDR Congo kwaba umzuzu wenjabulo enkulu, ngoba bekuwumdlalo onzima. Ngaphambilini, sadlala neMorocco nayo esezingeni eliphezulu emhlabeni. Sidlale umdlalo omnandi futhi imizwa ibiphezulu kakhulu ngaleso sikhathi,” kusho uBroos.
OLUNYE UDABA: https://uthukelatimes.co.za/ibuye-ne-ndodo-ye-thusi-ibafana-bafana-kwi-afcon-2023
“Konke bekukuhle. Sidlale umdlalo omuhle kanti nokwesekwa kwezwe bekuyisimanga. Ngiyaziqhenya kakhulu ngaleli qembu.”