Icala labantu abangu-62 abasolwa ngokugqugquzela izibhelu nodlame KwaZulu-Natal ngoJuly 2021, libuyele eNkantolo eNkulu eThekwini namuhla.
Bekulindeleke ukuthi kuqale ukuqulwa kwecala kusukela namuhla kuyoba wu-18 September 2026 kodwa kwangenzeka lokho njengoba inkantolo ibikelwe ukuthi abanye abamangalelwa abanabo abameli kulandela ukuthi behoxile labo abebebamele.
Inkantolo iyalele abamangalelwa ukuthi bafake izicelo zabameli bamahhala ngokushesha emuva kokuguqa kwecala. Libe selihlehliselwa umhla zingu 27 July 2026.
