UMeya kamasipala waseBaQulusi ukhansela uSifiso Mkhwanazi uvakashele ongusomabhizinisi waseMondlo kwaWadi 18,uNkk Gugu Zulu oneminyaka engu-68,onothando lokulima kanye nokufuya ikakhulukazi izinkukhu,

UNkk Zulu usahamba imihlangano yokucobelelana ngolwazi (workshops) weZolimo nokuThuthukiswa kweziNdawo zasemakhaya lapho abafundiswa khona ngamakhono okutshala kanye nokufuya imfuyo ehlukahlukene.
UNkk Zulu ulinde isitifiketi emva kokuba kade eyocotshelelwa ngolwazi emavikini adlule.
Ihloso yohambi ukaMeya uokuzibonela indlu yezinkukhu athe unayo nokuthi ingakanani njengoba uMama Zulu wayecele uxhaso lwamatshwele ukuze azowakhulisa awadayise.

