UNQUNYELWE UGWAYI KATIKI UMASPALA UTHUKELA NGOKUSEBENZISA I-ACCOUNT OKUNGESIYONA UKUHOLELA ABASEBENZI


UMnyango kaMgcinimafa KwaZulu-Natal usubhalele uMasipala wesiFunda uThukela ngokusemthethweni, uzwakalisa ukukhathazeka okukhulu mayelana nezinsolo zokusetshenziswa kwe-akhawunti yebhange lasoThukela Development Agency (UDA) ukuholela abasebenzi bakamasipala.

Encwadini yangomhla zingama-26 kuNhlolanja wezi-2026, uNgqongqoshe wezeziMali uFrancois Rodgers uthe uMgcinimafa uthole imibiko yokuthi umasipala wasebenzisa i-akhawunti ye-UDA ngemuva kokuthi ama-akhawunti awo asebhange evaliwe ngenxa yomyalelo weNkantolo eNkulu oxhumene nodaba lwe-RASP Consultants CC.

Yize uMnyango kaMgcinimafa ukuvumile ukubaluleka kokuqinisekisa ukuthi abasebenzi bakhokhelwa ngesikhathi,uxwayise ngokuthi ukukhokha ngalendlela kungase kuphambane ne-Municipal Finance Management Act (MFMA), Municipal Systems Act kanye neminye imithetho okusetshenzwa ngaphansi kwayo.

Incwadi igcizelele ukuthi iSigaba 65 se-MFMA sibeka izikhulu zalomaspala ngaphansi kwesibopho sokuqinisekisa ukuthi izimali zikamasipala zifakwa ku-akhawunti yebhange eyinhloko kamasipala futhi zikhishwe ngokuhambisana nesabelomali esigunyaziwe.

Umasipala unikezwe izinsuku eziyisikhombisa ukuthi ulethe umbiko ophelele ochaza ngakho konke okwenzekayo kwezezimali kulomaspala, izinqumo zomkhandlu kanye nemibono yomthetho. Ukwehluleka ukuthobela lokho kungase kubangele ukuqondiswa kwezigwegwe.


Uthukela Times All Rights Reserved