UNGQONGQOSHE Wezemfundo KwaZulu-Natal, ehambisana nobuholi baloMnyango wesifunda i-OThukela, uvakashele namuhla iSahlumbe High School ukuyobonga nokuhalalisela isikole ngemiphumela emihle ka-2025, lapho sithole khona u-100% kumatikuletsheni.
Lo mhlonishwa usesemkhankasweni wokuhambela izikole ezahlukene esifundazweni, okuhlanganisa izikole ezenze kahle kanye nalezo ezingazange zithole imiphumela emihle, ngenhloso yokukhuthaza, ukweseka nokubheka izinselelo ezibhekene nemfundo.
Ukuvakasha kwakhe kuhloswe ngakho ukukhuthaza othisha, abafundi kanye nabaphathi bezikole ukuthi baqhubeke nokusebenza kanzima ukuze kuthuthukiswe izinga lemfundo ezikoleni zakwaZulu-Natal.

