UNGENE EZINTANGENI UMEYA WASELANGALIBALELE EBUZWA NGEBHAJETHI KA-R500 000 WEMAYORAL


CUPAmakomiti ePhalamende avakashele KwaZulu-Natal kusukela mhla zingama-27 kuya zingama-30 kuMasingana 2026, ukuzohlola ukusebenza komasipala ababhekene nezinkinga zokuphatha nezimali.

Lolu hambo luholwa yiKomiti lezoBukhosi noMasipala kanye ne-SCOPA, kulandela imiphumela emibi yokuhlolwa kwamabhuku ka-2023/2024 ekhishwe nguMcwaningi mabhuku omkhulu wakuleli, lapho kutholakale khona ukuthi omasipala abangu-41 kuphela (u-16%) abathole ama-clean audit.Phakathi komasipala abebehlatshwa ngemibuzo kubalwa Inkosi Langalibalele Local Municipality, lapho imeya yakulomaspala, uMhlonishwa Mduduzi Myeza, ingene ezintangeni ngemali engu-R500 000 esetshenziswe emidlalweni yebhola iMayoral Cup.

UMeya uthe le mali ihlose ukuthuthukisa intsha ngezemidlalo, kodwa uhlulekile ukuchaza ngokugcwele ukuthi isetshenziswa kanjani isiyonke. Uphinde wathi wonke amakhansela avumelana ngebhajethi yeMayoral Cup, kodwa ikomiti lithi kukhona amakhansela aphikayo athi awakaze awuvume lo mcimbi. UMeya uphendule wathi izinqumo zathathwa ngokusemthethweni emhlanganweni womkhandlu futhi imidlalo iqala emawadini, okwenza kube nzima ukuthi amakhansela angathi awazi ngayo.Ikomiti liphinde labuza ngesabelomali esiphansi sokulungisa nokugcina ingqalasizinda, njengoba kubikiwe embikweni womcwaningi-mabhuku. Nalapho uMeya uhlulekile ukuchaza, waze wacela ikomiti limeluleke ngokuthi yiziphi izinhlelo ezinganqanyulwa ukuze kukhuliswe ibhajethi yokulungisa ingqalasizinda, kodwa ikomiti lathi alikwazi ukwenza lokho.

Umasipala uvumile ukuthi abenzanga kahle futhi wazibophezela ekulungiseni amaphutha avezwe umcwaningi-mabhuku. Ikomiti libuye laphakamisa umbuzo wokuthi izikhulu zikamasipala ziyakwazi yini ukubeka phambili okubalulekile phakathi kweMayoral Cup nokulungiswa kwengqalasizinda.

Kuphinde kwavela ukuthi ngo-2023 umaspala wanikeza izinkontileka ezingu-13 kubasebenzi bakamaspala ngenani elingu-R24,37 million, kwathi inkampani ecwaninga ezezimali yakhokhelwa u-R26,8 million.

Ikomiti licele ukuthi uMEC wakwa-COGTA angenelele abheke ukusebenza kwalomasipala, kanti uMeya utshelwe ukuthi athumele incazelo ephelele yeMayoral Cup kuMEC.


Uthukela Times All Rights Reserved