Izolo phambi kweKomidi elengamele izindaba zomaspala Nobuholi Bomdabu lapho abaphathi boMkhandlu wesifunda sasoThukela okuhlanganisa nomhlonishwa Inkosi N.B. UShabalala, baphekwe ngemibuzo ngendaba yokungakambisi kahle ukuphathwa kwezimali njengokusho kukaMcwaningi-Mabhuku Jikelele .
Amalungu ekomiti azwakalise ukukhathazeka ngokuqashwa kwabaqaphi, imali ekweletwa iRevenue Assessment and Support Programme efinyelela ku-R137 million, kanye nokudonsa kanzima kukamaspala jikelele uma kuziwa kwezezimali. Imenenja kamasipala uMnumzane UJili utshele ikomiti ukuthi kumanje uThukela lukweleta imali ebalelwa ku-R800 million kumashonisa abehlukene. Phakathi kwezikweletu ezinkulu abanazo kubalwa imali abayikweleta uMngeni Water, iRevenue Assessment and Support Programme, noMasipala i-Alfred Duma.
Abaphathi basoThukela bakuqinisekisile ukuthi ama-akhawunti asebhange kamasipala avaliwe. Lokhu kulandela ukwehluleka kwawo ukuhlonipha isivumelwano sokukhokha esigunyazwe yinkantolo noRevenue Assessment and Support Program. Umyalelo wenkantolo wokuvala ama-akhawunti kamaspala wakhishwa ngoJanuwari 21.
Umasipala bekumele ukhokhe ngoDisemba 15 ngaphansi kohlelo olwagunyazwa yiNkantolo eNkulu ngo-Okthoba 2025. Nakuba abakweletwayo baqale baphuza ukuthatha izinyathelo zomthetho ezigcwele, ibhange livele laqala lawavala ama-account kamaspala.
Abaphathi bathe manje basezingxoxweni zokwenza izinhlelo ezintsha zokukhokha.

